Umdlali we-Chelsea ne-Argentina u-Enzo Fernandez usezidalele amazinyo abushelelezi emva kwe-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana ecula iculo elidelela abadlali abamnyama base-France.
U-Enzo uthengwe yi-Chelsea ekuqaleni konyaka odlule (2023) ngemali elinganiselwa ku-£106.8 million, kodwa bese kuvela imibiko yokuthi i-Chelsea ayinankinga nokumdedela emva kwesizini ebingelula kuyena, eyoniwe nawukulimala.
Lokhu kubukeka sengathi kungenzeka impela manje njengoba le video ingehlanga kahle nakubadlali adlala nabo kwi-Chelsea. O-Malo Gusto, Axel Disasi kanye no-Wesley Fofana abanabazali abavela e-Africa kodwa abadlalela i-France baziqhelelanisile nozakwabo abadlala naye kwi-Chelsea, kanti uFofana uyifakile le-video ku-Instagram, wase ekubiza ngokucwasa lokhu okwenziwe u-Enzo.
Kubukeka sengathi kuzoba nzima ukuthi begcine bethelelene amanzi laba badlali, yize u-Fernandez esefake isitatimende exolisa ku-Instagram.
Isitatimende sika-Enzo kuncane esikuzuzile ngoba umonakalo ubusuwenzekile, nozakwabo abakakhombisi ukumeseka. Abalandeli bebhola sebelinde ukubona ukuthi ngabe uzojeziswa kanjani lo mdlali kwi-Chelsea kanye nakwi-Argentina, nokuthi sizoba njani isimo phakathi kwakhe nabadlali base-France uma esebuyele ekuzilolongeni ne-Chelsea ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25/