Owayengumdlali we-Arsenal uNicolas Pepe uthi kwasala kancane adube ukudlala ibhola ngesikhathi ethwele kanzima kwiPremier League.
UPepe uhlale amasizini amathathu kwi-Arsenal, kodwa isikhathi asichithe kuleli qembu asibanga mnandi njengoba kwaphetha ngokuthi abolekiswe ngaphambi kokuthi adayiselwe iqembu laseTurkey iTrabzonspor. Useyi-free agent manje njengoba esehlukene naleli qembu.
Ngesizini edlule uvalele amagoli amahlanu emidlalweni ewu-19. Noma kungeyona ifomu eyaheha i-Arsenal namanye amaqembu amakhulu ase-Europe, lo mdlali uthi useyajabula futhi uma esenkundleni, okuyinto ayengasayizwa kwi-Arsenal.
“Ngathwala kanzima kwi-Arsenal. Kwakungathi kukhona ohlwithe uthando lwebhola kimina. Lalinginyanyisa ibhola…ngase ngizingabaza ngalendlela yokuthi ngase ngicabanga nokuyeka ukudlala.”
Lo mdlali uthi ngesikhathi ebuyela kwiNice, wayesengenandaba nemali. Uthi kwiNice wathatha u-25% wemali ayeyihola kwi-Arsenal. Uthi wayefuna ukuyinqamula ngokushesha inkontileka yakhe kodwa i-Arsenal yayimnqabela ikhala ngemali eyayichitha imthenga