Owayengumdlali weManchester United uWilfred Zaha osegijima kwiGalatasaray uthi akakugqizi qakala ukuhluleka kwakhe kuleli qembu azobhekana nalo namhlanje kwi-UEFA Champions League.

UZaha uwumdlali wokugcina owasayiniswa wu-Alex Ferguson ngo-2013. Lo mdlali azimhambelanga kahle izinto ngaphansi kukaDavid Moyes noLouis van Gaal, wagcina edlale imidlalo engaphansi kwemihlanu. Lo mdlali wagcina ebuyele kwiCyrstal Palace afike ashaya into ecokeme kuyo ngaphambi kokuthengwa izinkunzi zaseTurkiye.

“Ngadlalela i-United eminyakeni ewu-10 edlule, sengineminyaka ewu-30 manje futhi ngizibona ngiwumdlali ongcono. Ngidlalela iqembu elikhulu, siphethe abadlali abaningi abanethalente namava, sikulungele ukubhekana ne-United. Sinabadlali abangayilimaza. Mina nje sengiwujahe kabi lo mdlalo.” usho kanje.

Ebuzwa ngokuthi akanendaba ngempela ngokuhluleka ukuzakhela igama e-Old Trafford, uphendule kanje:

“Uma ungibuka ebusweni wena ungibona nginendaba? Ngadlula esimeni esasingalibulala ikusasa lami kodwa angivumanga.