ICOSAFA izoqala ukuvivinya ukusebenza kwe-VAR kwiCOSAFA Women’s Champions League ezodlalelwa eGauteng kusukela ngo-Okthoba 4 kuya ku-15.

Kuzobe kungokokuqala ivideo assistant referee isetshenziswa kumqhudelwano weCOSAFA.

Imenenja yonompempe beCOSAFA, uFelix Tangawarima, uchithe isonto eledlule eqeqesha onompempe ngendlela yokusebenzisa iVAR.

“Kubalulekile ukuthi siqeqeshe onompempe bethu ngeVAR, ngoba iCAF neFIFA bathungatha onompempe abakwazi ukusebenzisa lobu buchwepheshe, asifuni ukusala,” kusho uTangawarima.

“Sifuna onompempe bethu bayisebenzise ngendlela iVAR. ICOSAFA izobalwa kwabokuqala e-Africa ukusebenzisa iVAR, esesiqalile ukuyibone kwamanye amazwe enyakatho ne-Africa. IVAR isifikile, ngeke isayekwa, ngakho kumele sizijwayeze yona ngoba isiyingxenye yomdlalo webhola. Uma unompempe efuna ukuqashelwa ukusebenza kwiFIFA World Cup kumele akwazi ukusebenzisa iVAR.”

ICOSAFA iveze ukuthi ihlela ukusebenzisa iVAR kuyo yonke imqhudelwano yayo yebhola maduze.