UXavi useshaye ungqimphothwe kwesokuqeqesha iFC Barcelona njengoba eseqoke ukuhlala aqhubeke nokuqeqesha nangesizini ezayo.

UXavi kule sizini ubesememezele ukuthi uyashiya kwiBarcelona uma kuphela isizini ngenxa yokugqoza kwemiphumela nengcindezi efakelwa ukwenza kahle kweReal Madrid kwiLaLiga.

UXaxi usezoqhubeka esikhundleni sakhe sokuqeqesha iBarcelona ngesizini ezayo emva kokwamukela inkontileka ayinikwe yileli qembu kamuva. Lesi sinqumo sithathwe emva kwezingxoxo ezibe khona phakathi kwabaphathi beqembu uLaporta kanye noDeco izolo ebusuku.

Sekunezinyanga ezama ukushintsha umqondo kaXavi, kwagcina kwenzekile njengoba seziphothuliwe izingxoxo kuleli sonto ngokombiko kaFabrizio Romano. Iqembu laliveze ukuthi lizoxoxa nabanye abaqeqeshi uma uXavi esesiqinisekisile isinqumo sakhe, okugcine kungenzekanga njengoba esehlala.

Izindaba ezinkulu kwiBarcelona lezi njengoba ibukeka idlala kangcono noma igcine ikhishiwe kwi-UEFA Champions League futhi isanda kudliwa nakwi-El Clasico. Umsebenzi owenziwa yilo mqeqeshi uyabonakala njengoba enqobe iLaLiga ngesizini edlule.

IBarcelona isazoqinisekisa lezi zindaba esithangamini nabezindaba namhlanje ntambama.