Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena useveze isifiso sakhe sokubeka iMamelodi Sundowns ezingeni leReal Madrid e-Afrika.
UMokwena uveze lokhu ngemuva komdlalo wezakhe neSekhukhune United abawunqobe ngo 2-1, okuwumphumela obasondeze kwisicoco sesikhombisa kulandelana esigabeni esiphezulu sePSL.
Noma kuhamba kahle kwiligi, iSundowns isabhekene nenkinga yokungajwayeli ukunqoba iCAF Champions League.
Igcine ukunqoba lo mqhudelwano ngo-2016 kusekhona uPitso Mosimane. URhulani uthi ufuna ukukushintsha lokhu kodwa uthi ngeke kube lula.
“Ngifikelwa umuzwa wokuthi abantu bazitshela ukuthi kulula ukunqoba iChampions League. Akuwona umqhudelwano olula lo,” kusho uRulani othi abadlali kumele baqale bazijwayeze ukudlala ezingeni eliphezulu kulo mqhudelwano.
“Ngesikhathi uJose Mourinho ekhuluma ngomlando, buka i-Champions League yase-Europe. Ungayi kude kakhulu. Buka umdlalo weReal Madrid neManchester City. IMan City idlale kangcono emlenzeni yomibili kodwa abanawo umlando, baphuma.
“Kukhona lento enayo iMadrid kulo mqhudelwano.”
URhulani uthi ufuna ukubeka iSundowns kuleli zinga kwiCAF Champions League. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu kuzoqala isizini ezayo lingompetha be-African Football League, okusanezingxoxo ngokuthi kuzomiswa kanjani ngayo njengoba kuminyene utshumo kuma-fixtures.