Ukapteni weBafana Bafana, uRonwen Williams, uthi kuzolisiza iqembu lesizwe ukuba khona kwabadlali beMamelodi Sundowns esikwatini.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos, ubize abadlali abawu-8 abagijima kwiSundowns okulindeleke ukuthi basize iNingizimu Afrika izibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations engonyaka ozayo.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo neLiberia uWilliams uthe kuzoyisiza iBafana ukuba nesibalo esiphezulu sabadlali abajwayelene.

“Kumnandi ukuhlangana nabantu obajwayele. Okubalulekile kodwa ukuthi bonke abadlali abawu-23 bahlangene ngesizathu esisodwa. Lokhu kuyakhombisa ukuthi bonke benza kahle emaqenjini abawadlalelayo.

“Sonke sihlalelwe wumsebenzi wokumela iNingizimu Afrika kahle siyifake kwi-AFCON, ngisho ngabe ubani osenkundleni.

“Nakanjani abadlali beSundowns bazosiza. Sizokhuluma namajita ngolwazi esilutholile ezinyangeni ezedlule ukuze izinto zizoba lula.

IBafana izobhekana neLiberia ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium.