Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usezwakalise ukukhathazeka ngezinhlelo ezenziwa yiLiberia ukuze izame ukungena kwi-AFCON 2023 ezodlalwa ngonyaka ozayo ngoJanuary.

IBafana izobhekana neLiberia ngoLwesihlanu e-Orlando Stadium ngo-6 ntambama. Omabili lawa maqembu avule ngenduku kuGroup K ebhaxabulwa yiMorocco esinamaphuzu awu-6 zisuka. Njengoba emathathu amaqembu, uma iBafana inganqoba yombili imidlalo ezoyidlala neLiberia izobe isiqede konke ngokuhlungela i-AFCON.

UBroos nokho uthi kuzoba wumqansa ukubhekana neLiberia.

“Sibhekene nemidlalo emibili enzima. ILiberia yenza okuningi ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zayo zihamba kahle. Sebelungise ngisho inkundla esezingeni lemithetho yeFIFA. Abadlali bayo abagijima phesheya nabo sebezimisele ngokumela iqembu lesizwe, okuyinto ebingavamile phambilini.

“Ngiphende ngezwa kuthiwa bazothola ibhonasi uma befaka izwe kwi-AFCON. Bazobe benogqozi ngakho akumele sibathathe kancane.”

UBroos uqhube wathi izinga labadlali beBafana liphezulu kunelabadlali beLiberia kodwa lokho akusho ukuthi kumele bayithathe kancane.