Umgadli weManchester United odabuka eNetherlands uWout Weghorst usekuchithile ukuthi ufana nesigxobo sikagesi kuleli qembu njengoba sanda isibalo sabahlaziyi abagxeka indlela adlala ngayo.

Empeleni, abahlaziyi abaningi banakho ukuveza ukuthi liphansi izinga likaWeghorst liphansi uma eqhathiniswa nabanye abadlali. Ngesikhathi i-United isanda kumemezela ukuthi isimbolekile kwiBesiktas, umkhaya wakhe uRafael van der Vaart wathi i-United idlala ngemali ngoba kunenqwaba yabagadli abadlala njengoWeghorst ebingabalanda kwiChampionship e-England.

Muva nje, owayengumdlali weMan United, uPaul Schooles usanda kubiza lo mdlali nge-defensive striker, ethi akukho okunye akufakelwa enkundleni ngaphandle kokumaka.

UWeghorst, obeyingxenye yesikwati seNetherlands kwiFIFA World Cup eQatar, uyakuchitha ukuthi akenzi lutho enkundleni.

“Mningi imidlalo esingiyidlalile, lokho kukhombisa ukuthi ngiwumdlali othenjwayo. Kukhombisa nokuthi muhle umsebenzi engiwenzela iqembu.

“Iyonato engangifuna ukuyenza ngesikhathi ngifika; ukuzama ukusiza iqembu linqobe imqhudelwano. Siwunqobile owodwa manje (EFL Cup).”

“Ngaphezu kwalokho sisalwela inkomishi ye-Europa League neyeFA Cup, nakwiligi sizama ukuqinisekisa ukuthi sibuyisela iqembu kwiChampions League ngesizini ezayo. Ngiyingxenye yalo msebenzi,” usho kanje.