INapoli izofuna imali ebalelwa ku-£150million eqenjini elizimisele ngokusayinisa umgadli wayo waseNigeria, uVictor Osimhen.

Lo mdlali onamagoli awu-21 kwiSerie A namahlanu kwiChampions League kule sizini.

Kumaqembu amgaqele kubalwa iPSG, Manchester United neChelsea. Ngokombiko we-II Mattino, iNapoli ifuna u-£150 million. Okwamanje iNapoli ayikho ngaphansi kwengcindezi ukuthi imdayise lo mdlali ngoba inkontileka yakhe iphela ngo-2025, kodwa ingazithola isenkingeni uma engadayiseki kwiwindi elilandelayo futhi engayeluli nenkontileka yakhe ngoba lokho kungamvumela ukuthi asayine inkontileka evumelana nelinye iqembu ngokulijoyina uma kuphela inkontileka yakhe kwiNapoli.

Ngasekuqaleni konyaka umengameli weNapoli uke waveza ukuthi akukho okubaphoqayo ukuthi badayise kodwa kunemali enganqabeki, okusho ukuthi uma kukhona iqembub elizimisele ngokukhokha imali abayifunayo bangamdedela.

Ukudayisa u-Osimhen kungaqinisa iNapoli, ezodinga ukulanda abanye abadlali ukuze izame ukuvikela iScudetto ngesizini ezayo iphinde izame nokunqoba iChampions League.

Ngaphandle kwalo mdlali, abanye abadlali beNapoli abazobe befunwa njengomsebenzi uma kuphela isizini umdlali wasemuva uKim Min-jae, nesiphekepheke saseGeorgia uKhvicha Kvaratskhelia.