Umdlali weReal Madrid uVinicius Jr uthi ngeke bamqede amandla abantu abacwasa ngokwebala kwiLaLiga nakuba esebonile ukuthi le nkinga ayisukunyelwa.

UVini ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram esola iziphathimandla zeLaLiga ngokungenzi okwanele ukuvikela abadlali abamnyama. Lo mdlali uthi le ligi ibidume ngabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa manje sekungeyabacwasa ngokwebala.

“Ukucwasa ngokwebala akukhuzwa kwiLaLiga. Abaphathi beligi bakubuka njengento eyingxenye yempilo, futhi amaqembu esibhekana nawo ayakugqugquzela. Iligi ebiphegthwe wuRonaldinho, Ronaldo, Cristiano noMessi sekwaba ngeyabacwasa ngokwebala.”

UVini uqhube wathi uyayithanda iSpain kodwa inabantu abacindezela abanye ngokwebala.

“EBrazil iSpain yaziwa njengezwe labacwasayo. Ngeshwa uma ngibuka okwenzekayo amasonto elandelana, angikwazi ukulivikela lelizwe. Kodwa ngiqinile futhi ngizolwa kuze kube sekugcineni.”

URonaldo (lo waseBrazil) ungomunye wabathembise ukumeseka uVini empini yakhe nokucwasa ngokwebala eSpain.

Omunye umdlali owabhekana nale nkinga uSamuel Eto’o ngesikhathi esadlalela iBarcelona.