Umqeqeshi obambile kuMaZulu FC u-Ayanda Dlamini uxolisile kubalandeli boSuthu ngesibhaxu sika 4-0 abasithole kweZimnyama ngoMgqibelo eMoses Mabhida.

I-Orlando Pirates ibukise ngaMaZulu ngoMgqibelo ivala isizini yeDStv Premiership ngestayela kumdlalo okukore kuwo uJames Monyane, Relebogile Ratomo, Moh Saleng noKabelo Dlamini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uDlamini uxolisile, wabe eseveza ukuthi bazozama ukwenza kangcono ngesizini ka-2023/2024.

“Ngidlulisa nje ukuphoxeka okukhulu ngomdlalo wanamhlanje esiwudlale ne-Orlando Pirates. Siyethembisa ukuthi sizobuya ngesizini ezayo silungise amaphutha, sinijabulise. Siyaxolisa kakhulu ngokithi niphoxeke ngalendlela eniphoxeke ngayo,” kusho uDlamini ngemuva komdlalo.

Akukacaci ukuthi AmaZulu azokwenzenjani ngesokuqeqesha njengoba sekuphele isizini, kodwa ngokwemibiko yakamuva kukhonjwa uManqoba Mngqithi kuleli qembu.

AmaZulu agcine eqede isizini ekunombolo 12 kule sizini, asinde ngokulambisa ezembeni njengoba eshiye iMarumo Gallants ngamaphuzu amane kuphela.