Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, oshiye iLoftus Versfeld ejabhile kulandela ukukhishwa kwezakhe kwiCAF Champions League, ushiye exwayise amaqembu ase-Africa ukuthi bazowunqoba maduze lo mqhudelwano.
ISundowns iphume ngomthetho we-away goal kulandela ukubambana ngo 2-2 neWydad AC kowe-semifinal ngoMgqibelo. IWydad, enqobe iCAFCL ngesizini edlule, izobhekana ne-Al Ahly kowamanqamu.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRhulani uthe badliselwe ukushoda ngamava.
“Umehluko omkhulu namhlanje (ngoMgqibelo) kube wukuthi iWydad inamava kakhulu kunathi. Iyeqembu elikwaziyo ukulinda izimo zokukora…isebenzise lezo zimo yakora. Ngiyababongela kodwa ngomdlalo omuhle. Kumuncu njengamanje ngoba alikho iqembu eliwinile kodwa kuyangiqinisa ukunconywa abaqeqeshi beWydad. Kuyishwa ukuthi kuphela kanje,” kusho uRhulani.
“Amava ngeke uwathenge., Kumele sifunde…sizoyiwina iChampions League nakanjani. Mhlawumbe kuzothatha enye isizini, noma elandelayo kodwa yona sizoyiwina.”