OwayenguNgqongqoshe wezobudlelwano namazwe omhlaba uNaledi Pandor useyalele umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ukuba aphume nobufakazi obuzoqinisekisa ukuthi ungomunye wosopolitiki abathatha izikweletu kwibhange iVBS Mutual eseyawa. 

UPandor uthi izinsolo zikaMalema zingamanga futhi zingcolise nesithunzi sakhe.  

Ekhuluma engxoxweni nabeSABC News, uMalema wanekela izwe ukuthi uPandor uyathinteka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS Mutual. 

“UNaledi Pandor naye uyathinteka odabeni lweVBS. Ngizokubeka kugcwale umlomo. Bayizithandwa zenu. Angeke niwazi amanye amagama. Amagama eniwaziyo awabantu eningabathandi, lokho kukhomba ukuthi nichemile. Kuvela amagama amaningi odabeni lweVBS. Okwenzeka ngeVBS sekufana neqhinga lokuthusa abanye osopolitiki,” kusho uMalema ngeqholo.

UPandor ukhiphe isitatimende ephendula ngezinsolo ezibhekiswe kuye.

“Bengisanda kubuya ohambeni lwaphesheya kwezilwandle ngesikhathi ngitshelwa ngezinsolo ezenziwe uMnuz Julius Malema kuSABC ngoLwesibili. Unekele abantu ukuthi ngakhokhela i-bond yendlu yami ngemali engayiboleka eVBS. 

“Ngiyakuphika ukuthi ngabolekwa imali yokukhokhela i-bond yendlu. Ngiphonsela uMalema inselelo yokuthi aveze ubufakazi obuzosekela amanga awaqambile. Uma engakwazanga ukuveza ubufakazi, ngifuna axolise esidlangalaleni ngokungcolisa isithunzi sami,” kusho uPandor.

UPandor ubesanda kutheleka kuleli esuka emcimbini obuseCanada, obuhlelelwe ukubungaza igalelo lakhe ngokufaka i-Israel enkantolo yoMhlaba ngamacala okubulala abantu bohlanga lwasePalestine. 

“Anginalo ulwazi lokuthi luvela kuphi udaba lweVBS, angikhumbuli ngikhuluma okubi ngoMalema. Ngiphoxekile kakhulu ngamanga asungulwe uMalema ongumholi weqembu elisePhalamende. Ngimangele, ngibona kuyindlela ephuphile yokuthunaza igama lami elihle.

“Angazi ubengenwe yini uMalema okumenze wafuna ukufaka igama lami odabeni lweVBS. Ngicabanga ukuthi uyaphoxeka uma ebona ukuthi akukho okusolisayo engikwenzile selokhu ngangena kwezepolitiki, ngimangele kakhulu,” kubeka uPandor.

UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uNksz Thembi Simelane usanda kuphendula imibuzo ePhalamende mayelana nezinsolo zokubandakanyeka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS.