Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi leli qembu ngeke lidlale kwiFIFA Club World Cup engonyaka ozayo ngoba iFIFA ibathembise amasenti.
Engxoxweni nephephandaba lase-Italy ngoMsombuluko, u-Ancelotti uveze ukuthi iMadrid namanye amaqembu amakhulu ngeke alubhade kwi-Club World Cup okuzodlala kuyo iMamelodi Sundowns namanye amaqembu amakhulu avela ezindaweni ezihlukene emhlabeni.
“Abadlali namaqembu ngeke badlale kulo mqhudelwano. Umdlalo owodwa weMadrid ubiza u-€20 million, iFIFA ifuna ukusinekeza leyo mali ngokudlala umqhudelwano wonke. Ngeke kwenzeke.
“Nabanye bazosichitha isimemo njengathi.”
Ngaphandle kweMadrid kumaqembu ase-Europe obekulindeleke ukuthi adlalwe kubalwa iChelsea, Manchester City, Bayern Munich, PSG, Inter, Porto, Benfica, Borussia Dortmund, Juventus, Atletico Madrid, neRed Bull Salzburg.
Kulawa maqembu kulindeleke ukuthi kube khona amanye azokhala ngemali yeFIFA njengeMadrid.
Okunye okuzocasula iMadrid ngalo mqhudelwano wukuthi umqhudelwano ewesakayo, i-European Super League, namanje akucaci ukuthi uzogcina wenzekile noma cha njengoba wachithwa usaphakanyiswa.