Owayengumqeqeshi weChelsea, uThomas Tuchel, uthi umqeqeshi onikezwe umsebenzi ngemuva kwakhe uGraham Potter uzoqhubeka ahlale ngesinqe esisodwa uma ehluleka ukunqoba imidlalo ilandelana. UTuchel uthi kahle kahle abaphathi beChelsea bathanda ukuyizwa ngendaba into okuthiwa yinduku.

“Engikufundile kwiChelsea, PSG, Dortmund neMainz wukuthi ayikho into ebaluleke ukudlula ukunqoba imidlalo,” kuchaza uTuchel ekhuluma kwi-Ayurvedic Healing & Beyond Podcast.

“Ungadlule ekudliweni kanye, noma ukubheda kweqembu isikhashana….kodwa akukwazi ukuqhubeka isikhathi eside ngoba akekho okuthembayo uma iqembu seliwukudla kwenduku,” usho kanje.

Utho into ebalulekile eqenjini lebhola ukuthi abadlali balandele imyalelo yomqeqeshi njengoba injalo, ngisho isikhathi okumele bafike ngaso uma beziqeqesha.

UPotter useqala ukuba ngaphansi kwengcindezi kwiChelsea njengoba iqembu lakhe selishaywe kabili kulandelana kwiligi. Ngaphambi kwalokho lidlale ngokulingana imdlalo emibili ilandelana. Okunye okumfakela ingcindezi ukukhishwa kweChelsea kwi-EFL Cup.