Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena unesifiso sokuthi ezakhe ziye ekhefini leFIFA World Cup zinqobe isicoco seCarling Black Label Cup.
ISundowns isiyigejile icup eyodwa kule sizini njengoba ihlulekile ukunqoba iMTN8, egcine ithathwe yi-Orlando Pirates eyabakhipha ngo 3-0.
NgoMgqibelo iSundowns izothola elinye ithuba lokujabulisa iYellow Nation. Izobhekana naMaZulu ngo-9 ekuseni kwi-semi final. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
“Kube wunyaka onzima. Ngivame ukukuveza ngisho ngikhuluma nabadlali ukuthi sibhekane nonyaka onzima, hhayi abadlali bebhola kuphela, nabantu nje emphakathini. Nathi siyingxenye yomphakathi, ukuya ekhefini sijabule kuzojabulisa nabantu abasondelene nathi,” kuchaza uMokwena.
“Sengilibheke ngabomvu ikhefu leFIFA. Njengamanje kumele siqinise emanzini, siphumela kancane, bese silungiselela umdlalo weCarling Black Label Cup ngoba umncintiswano ozosinika ithuba lokunqoba. Kumele sigxile kulokho ngaphambi kokuthi sicabange ngokuphumula emakhaya.”