Umgadli weManchester United obukeka ezalwe kabusha kule sizini, uMarcus Rashford, uthi umqeqeshi wabagadli uBenni McCarthy usemsize ngokuningi kule sizini.

Kule sizini uRashford usevalele amagoli awu-8 emdlalweni ewu-18 kuyo yonke imqhudelwano. Ngesizini edlule uvalele amagoli amahlanu isizini yonke. Indlela asedlala kangcono ngayo abahlaziyi bebhola sebeqala ukuvuma ukuthi mhlawumbe engakwazi ukudlala kunombolo 9, obuvame ukumhlula kumasizini edlule. Lo mdlali uthi kumsizile kakhulu ukuqashwa kukaBenni.

“Usengisizile kakhulu. Ukuba nabaqeqeshi abapheka abadlali abahlaselayo kuyalisiza iqembu, uhlale esiyalela ngezinto ezihlukene,” kusho uRashford ovalele igoli izolo beshaya i-Aston Villa ngo 4-2 kwi-EFL Cup.

Kuleli sonto uRashford ufakwe ohlwini lwabadlali abazomela i-England kwiWorld Cup nakuba bese kunesikhathi eside engabizwa eqenjini lesizwe.

Ngaphandle kukaRashford nabanye abadlali beMan United sebekuncomile ukuba khona kukaMcCarthy kwiRed Devils. Ekhuluma ngaye uCristian Eriksen waves ukuthi kumnandi ukuba khona kwakhe ngoba ufike namahlaya futhi usebesize kakhulu abagadli ngokubacija ekuvaleleni amagoli kangcono.

Muva nje umqeqeshi we-AS Roma, uJose Mourinho, udalule ukuthi wayenesifiso sokusayinisa uBenni ngesikhathi esaqeqesha iChelsea, wavinjwa yiBlackburn Rovers eyakhala ngokuthi ayinaye omunye umgadli. UMourinho usho lokhu ngesikhathi eveza ukuthi uyakholelwa kakhulu kubagadli base-Afrika emaqenjini akhe.