Inkakha ye-Orlando Pirates uBenedict ‘Tso’ Vilakazi isigxeke isinqumo sokudayisela iMamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch. UVilakazi ukhala ngokuthi bazoyifica kanjani kwiligi iSundowns uma beyidayisela ukhilimu wabadlali.
“IPirates ilahlekelwe wumdlali omkhulu. Abalandeli beqembu bafuna libe nabadlali abasezingeni eliphezulu ukuze lilwele isicoco seligi.
“Ukuya komdlali onje kwiSundowns kuzosiphazamisa ngoba bazosilwela kanjani isicoco seligi? Ubewumdlali owukhiye. Akungithusanga ke nokho.
“Ngadlala ibhola isikhathi eside. Ngiyakwazi ukubona uma umdlali esefuna ukuhamba. Ngibona ngendlela abaziphatha ngayo nezinto abazenzayo. Bagcina sebeshiya.
“ULorch kumele ngabe kade wahamba. Ngangizitshela ukuthi uzoya phesheya kodwa nakhu ke eya kwiSundowns. Nginethemba lokuthi iPirates izokwazi ukuvala isikhala sakhe.”