Isiqongqwane seLiverpool uVirgil Van Dijk useveze ukuthi akanalo ulwazi ngekusasa lakhe kwiLiverpool kulandela isimemezelo sikamqeqeshi weqembu uJurgen Klopp ozoshiya uma kuphela isizini.
UVan Dijk ubuzwe ukuthi uyazibona yini eMerseyside uma sekuhambe uKlopp, waphendula kanje:
“Lombuzo uyangixina, anginayo impendulo. Iqembu lihlalelwe umsebenzi onzima. Kunzima ukuvala isikhala sikamqeqeshi nethimba lakhe. Kuzokwenzeka izinguquko eziningi.
Iqembu linomsebenzi onzima. Ngiyazibuza ukuthi lizomisa kanjani. Isimo sabadlali sizolandela uma sekuxazululwe inkinga yomqeqeshi,” kuchaza uVan Dijk ekhuluma nabe-ESPN Sport
UVan Dijk, owajoyina iLiverpool ngo-2018, uyisethenjwa kuleliqembu aselisize lanqoba i-UEFA Champions League (2019) nePremier League (2020)
Lesitobha siqukule iFA Cup neCarabao Cup ngo-2022, wanikezwa ibhande likakapteni sekuhambe uJordan Henderson owasayina kwi-Al Ittihad.
ILiverpool isenkingeni kwazise nezethenjwa ezimbili uMohamed Salah noTrent Alexander-Arnold zinezinkontileka ezizophela ngoJuni 2025 njengaye uVan Dijk.
UVan Dijk uthi bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bamvalelisa ngenjabulo uKlopp.
“Siyaphela isikhathi sikaJurgen Klopp. Ngijabule ngoba ngisayingxenye yeqembu, yingakho ngingafuni ukukhuluma izinto eziningi.
Okuningi kuzobonakala uma kuphela isizini. Ngithemba ukuthi sizophumelela ekugcineni. Izindaba zeqembu zizolungiswa uma sekugoqwe isizini,” kubeka uVan Dijk.
ILiverpool isahubha izindebe ezine kulesizini. EzikaKlopp zizobhekana neChelsea kowamanqamu weCarabao Cup ngomhlaka 25 kuFebruary.
ILiverpool eqhwakele esicongweni sePremier League ngamaphuzu amahlanu, isekhona kwi-Europa League neFA Cup.