Owayengumdlali we-Orlando Pirates uBenedict ‘Tso’ Vilakazi ubona engasivala isikhala sikaThembinkosi Lorch uLesedi Kapinga uma enganikezwa ithuba.

UKapinga usayiniswe yiPirates esuka kwiMamelodi Sundowns kodwa ijezi usalizwa ngendaba kweZimnyama kule sizini. Usadlale kanye kwiligi, wadlala kabili kwiMTN8.

“Ngicabanga ukuthi uma benganikeza uLesedi Kapinga ithuba, engawenza umehluko.

“Uwumdlali ohlakaniphile okwazi ukungena ebhokisini, uyakwazi futhi nokuba yingozi ophondweni. Ukumnikeza ithuba kuzokhuphula ukuzethemba kuye. Awucabange ukuthi uKapinga angenzani uma engaba sesimeni esifanele (match fitness). Sizombona edlala eqopheleni eliphezulu.

UKapinga ushiye kumuncu kwiSundowns ekhuhliswa ibhentshi.

Ngokwemibiko yeminye imithombo yezindaba zebhola, kuvela ukuthi iPirates ibivele ihlela ukumdlalisa kahle ngemuva kwe-Africa Cup of Nations ukuze ajwayele kahle indlela yokudlala kaJose Riveiro.