Umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter, usedlulise ukuxolisa ngokona umcimbi weKaizer Chiefs ezakhe ziyishaya kugujwa unyaka wesi-53 yasungulwa.

ISekhukhune ihlule iChiefs ngo 1-0 eFNB Stadium izolo ebusuku kwacasuka abaningi njengoba iChiefs ibimatasa ikhankasa ukuthi igubha usuku lokuzalwa izolo.

“Ngiyifisela usuku oluhle lokuzalwa iChiefs. Isineminyaka ewu-53. Iyingxenye enkulu yomlando webhola eNingizimu Afrika, ngiyaxolisa ngokuyimoshela usuku,” kusho uTruter ngemuva komdlalo ekhuluma neSuperSport TV.

ISekhukhune isinqobe imidlalo emibili ilandelana, yakhuphukela kunombolo 10 kwi-log yeDStv Premiership. UTruter uthe ujabule ngale miphumela kodwa umsebenzi awukapheli njengoba beshiya iqembu elikunombolo 15 ngamaphuzu amane nje kuphela.

ISekhukhune izobhekana neStellenbosch FC ngoMgqibelo emdlalweni olandelayo.