Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ukhale ngamathuba ayekwe abadlali bakhe beguqiswa yiSekhukhune United ngo 1-0 eFNB Stadium izolo koweDStv Premiership.

IChiefs ibidliwa okwesihlanu kule sizxni kodwa isahleli kunombolo 4 kwi-log, isele ngamaphuzu awu-13 kwiMamelodi Sundowns ekunombolo 1.

“Asiwuqalanga kahle umdlalo kodwa siwakhile amathuba esiwombeni sokuqala esihlulekile ukuwasebenzisa. Esiwombeni sesibili uma ubuka indlela igoli elingene ngayo…kwesinye isikhathi ubuye uzibuze imibuzo, kodwa ngeke ngibasole abadlali. Bazamile. Besingalivalela ithuba elilodwa kodwa akuhamba ngokufisa kwethu namhlanje,” kusho uZwane.

Lo mqeqeshi uthi uzamile ukufaka iSekhukhune ngaphansi kwengcindezi ngezinguquko azenzile kodwa kwangalunga. Usola nokuthi bancishwe ipenalty kulo mdlaĊ‚o.

“Ngicabanga ukuthi bekuyi-penalty ngesikhathi kuwiswa uCaleb ebhokisini kodwa unompempe akabonanga. Kodwa ke abadlali bazamile.”

IChiefs izobhekana naMaZulu ngoLwesihlanu ngo-19:30 eMoses Mabhida Stadium emdlalweni olandelayo.