Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJnr Khanye, uthi ukube kuya ngaye bangabizwa bonke abadlali beMamelodi Sundowns kwiBafana Bafana kusale abadlali bangaphandle kuphela.

UKhanye uveze lo mbono ngemuva komdlalo onqotshwe yiSundowns ngo 2-0 ibhekene neRichards Bay FC izolo eKing Zwelitini Stadium.

“Mina ngeke ngibe nankinga nokubabiza bonke abadlali beSundowns kwiBafana Bafana, ngikhiphe nie o-Allende nabanye bangaphandle, kodwa lonke leli qembu ngingalifaka esikwatini.

Kungani bengabathathi bonke bezonqoba iligi yesikhombisa kulandelana? Indlela abadlala ngayo inhle, abawini nje ngendlela engacacile, nakumdlalo olandelayo ulindele ukuthi banqobe. Sekunemidlalo emingaki bengalingenisi igoli?” kubuza uKhanye.

UKhanye uqhube wagxeka amaqembu eDStv Premiership anganawo o-under 16 no-under 13.

“Uzolikhulisa kanjani iqembu unganayo inkulisa? Uzochitha imali uthenga iqembu bese wenzani ngalo?”

Uncome umsebenzi owenziwa wuRhulani Mokwena selokhe enikezwe isikhundla sokuba wumqeqeshi weqembu yedwa.