Umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter unethemba lokuthi bangayimangaza i-Orlando Pirates emdlalweni wabo weMTN8 kule mpelasonto.,
IBabina Noko izobhekana nePirates kwi-quarterfinal yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00, e-Orlando Stadium. Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo uTruter uveze ukuthi kuzoba nzima ukubhekana nePirates ezobe yesekwa abalandeli bayo ekhaya, kodwa ‘bangayimangaza’.
ISekhukhune yagcina ukubhekana nePirates kowamanqamu weNedbank Cup, yadliwa ngo 2-1.
“Kuzoba nzima ukubhekana nompetha abazobe bedlalela ekhaya. Sizoya kulo mdlalo bengekho abanye abadlali ngenxa yokulimala, abanye banokukhathala kancane ngenxa yomdlalo wangoLwesithathu…kodwa ke ukubhekana nePirates kuzobafakela umfutho abadlali.
“Uma singenza konke ngendlela, singabamangaza. Sifundile kumaphutha ethu kwi-final yeNedbank Cup, sesikhulile futhi siyiqembu elidlala kangcono.”
UTruter uqhube wathi noma idliwe emdlalweni wokuqala weDStv Premiership iPirates, abadlali bayo bakukhombisile abakwazi ukukwenza ngesikhathi bevithiza iRoyal AM ngo 4-2 phakathi nesonto.