Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uthi akasazi kumele enzeni uMarcelo Allende ukuze anikezwe indondo ye-Man of the Match kwiDStv Premiership.
UMokwena uveze lokhu engxoxweni nabezindaba kwethulwa indondo yeMTN8 eRandburg ngoLwesine. U-Allende, ofike kwiSundowns ngesizini edlule, ushaye into ecokeme emdlalweni wezakhe neKaizer Chiefs ngoLwesithathu. Nakumdlalo wokuqala weSundowns waba nomdlalo omuhle.
“Angazi kumele enzeni,” kusho uRhulani.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali bami, nabakwenzela iqembu. Niyazi angithandi ukugqamisa umdlali oyedwa kodwa uma ngikhuluma iqiniso nje kuyangethusa nami. Kuze kube yimanje kuyangixaka ngempela ukuthi umdlali onjengoMarcelo Allende akaze ayithole indondo yeMan of the Match.”
IMan of the Match ikhethwa ama-commentator ngokunjalo namanye amajaji ePSL.