Isiphenduka ivesi lemihla ngemihla kuMakhosi eyokuzama ukuqeda isomiso sezicoco. Kulokhu umfundisi wuMolefi Ntseki, naye ovule ngevesi elifanayo izolo ‘eshumayela’ ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs neCape Town City kwiMTN8 ngeSonto eKapa.

UNtseki usayizwa ngendaba iwin kwiChiefs selokhe efikile kodwa ubona bengawunqoba lo mqhudelwano abagcina ukuwunqoba ngesizini ka-2014/2015.

“Uma uqokwa njengomqeqeshi weKaizer Chiefs uyakwazi okulindelekile, ngicabanga ukuthi kukuwe njengomuntu ukuthi ufuna ukushiya umlando onjani eqenjini,” usho kanje ekhuluma nabezindaba kwethulwa iMTN8 eRandburg izolo.

“Umlando okufanele uzakhele wona owokunqoba inkomishi, ulisebenzele kahle iqembu, unqobe imidlalo, ujabulise abaphathi nabalandeli.

“Ngeshwa asiwinanga lutho eminyakeni edlule kodwa sizama ukukulungisa lokho manje ngabadlali esinabo nokwesekwa esikutholayo. Nginethemba lokuthi izinto zizojika maduze.”

Ngesizini edlule no-Arthur Zwane washo amazwi acishe afane nakaNtseki futhi akugcinanga ngaye, nabadlali bebekhumbuza abezindaba njalo ukuthi bahlose ukuqeda ishobolo leminyaka lokunganqobi lutho.

Kuthe isizophela isizini washintsha ushuni bathi sebegxile ekuqedeni kunombolo 2 okungenani ukuze bezodlala kwiCAF Champions League, nakho abagcina bengakuzuzanga njengoba iChiefs iqede kunombolo 5 ngesizini edlule.