Ingene ilekanyana imiyalezo yenduduzo ebhikiswe emndenini kaWarrick Stock, obedume ngelikaDJ Warras, kulandela ukudutshulwa kwakhe enkabeni yedolobha eGoli izolo.
Ngokwemibiko uDJ Warras udutshulwe ehamba nabasebenzi benkampani yakhe yonogada, beqhuba umsebenzi wokukhipha abantu abebehlezi ngokungemthetho ebhilidini angomunye wabanikazi balo, elibizwa ngeZambezi.
Sekunezinyanga uWarras elwa impi yokukhipha abokufika abakuleli ngokungemthetho eGoli, ikakhulukazi ebhilidini lakhe, futhi useke wacela ngisho amaqembu ezepolitiki njenge-Action SA ukuthi angenelele abasize ngoba konakele.
Izolo umholi wePatriotic Alliance uGayton McKenzie uthe engabheja ngemali yakhe yokugcina ukuthi lo DJ ubulawe yiqembu labokufika elidla amabhilidi eGoli.
Amaphoyisa aveze ukuthi asezithendeni zabasolwa izolo njengoba bebonakale kwiCCTV. Odubule uWarras kuthiwa unama-dreadlocks ekhanda.
WATCH | Johannesburg MMC for Public Safety Dr Mgcini Tshwaku says DJ Warrick Stock, popularly known as DJ Warras, was with the owner of the Zambezi building shortly before he was shot and killed in Johannesburg’s CBD today. pic.twitter.com/akQMdL6qYm
— SABC News (@SABCNews) December 16, 2025
Khonamanjalo, amaphoyisa asaqhubeka nemizamo yokuthungatha abasolwa.
Police have confirmed they have video footage of the suspects in the Warrick Stock, known as DJ Warras case. Tune in to #eNCA, channel #DStv403. pic.twitter.com/J8IcvS5toQ
— eNCA (@eNCA) December 16, 2025