Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler uthi sesiyabonakala isidingo sokulethwa kweVideo Assistant Referee (VAR) kwiPremier Soccer League kulandela ukuguqiswa kowomkhaya.
UTinkler ubekhalaza ngemuva kokuba uKhanyisa Mayo ekhishwe ngekhadi elibomvu esolwa unompempe ngokuzithambisa ngoba efuna iphenathi.
ICity ithole isibhaxu sika 1-0 ibhekene neStellenbosch emdlalweni weligi ngoLwesihlanu.
ICity ibhekene nengwadla njengoba isethenjwa sabo singeke sidlale ngomhlaka 24 kuDisemba uma sebedlala neMamelodi Sundowns. UMayo (25) uzophinde angadlali ngomhlaka 30 kuDisemba kowomkhaya neCape Town Spurs.
UTinkler uthi ukulethwa kweVAR kuzoshintsha izinto.
“Kusadingeka ngiphinde ngibukele okwenzekile. Abanye bangitshela ukuthi yiphenathi. Ngisafuna ukuzibukela mina ngaphambi kokukhuluma kakhulu.
UMayo uthole ingqayizivele yethuba esiwombeni sokuqala kuyi-corner kick, bekufanele angqofele ibhola phansi kodwa walibhekisa phezulu kwepali.
Kuyenzeka umgadli athole ithuba elilodwa kuphela kweminye imidlalo. Kufuneka ajwayele ukusebenzisa amathuba ngoba uhlulekile namuhla,” kuchaza uTinkler ekhuluma nabezindaba.
UMayo ungumshayimagoli ohamba phambili kwiPSL ngamagoli ayisikhombisa. Ulingana nomgadli weDowns uLucas Costa.
“UMayo uyena osishayela amagoli, kunzima ukuthi asilahlekele ngalendlela. Okubuhlungu ukuthi izinqumo zamakhadi abomvu azisabuyekezwa.
Ngikhulumile ngeVAR ngaphambilini. Ngibona ingasiza kakhulu esimeni esifana nalesi kodwa angeke kusashintsha lutho. Sizoqhubekela phambili,” kuchaza uTinkler.