Umqeqeshi wePyramids FC uJamie Pacheco ukholwa ukuthi ezakhe bezingabuya namaphuzu amathathu eLoftus Stadium ukube zikwazile ukusebenzisa amathuba eziwatholile.

Umdlalo uphele ngo 0-0, lingekho iqembu elifuna ukugoba uphondo yize iDowns ibiwuphethe umdlalo. Lomphumela ushiye womabili lamaqembu enamaphuzu amane kuGroup A. 

Umqeqeshi wePyramids ukhale kakhulu ngokuba buthuntu kwabagadli bakhe. 

“Ngaphambi kokuqala komdlalo, bengingajabula ukubuya nephuzu elilodwa kulomdlalo ukube bengibuzwe kanjalo. Kodwa ngishintshe ukucabanga sengibona okwenziwe abadlali enkundleni. Abadlali balandele amaqhinga ebesiwahlelile. 

Besinolwazi ngeSundowns, iyiqembu elikhulu elikwazi ukuthola isisombululo noma kunzima. Sikwazile ukuvimba ingcindezi abasifakele yona ngoba besiqonda ukuthi bazodlala kanjani. 

Bekufanele siwunqobe lomdlalo. Ngiyasola ukuthi nethimba lonompempe lidlale enkulu indima kulomdlalo. Ngiyababongela ngabakwenzile emdlalweni. 

Igoli esilishayile liphikiwe, kwathiwa kunomdlali odlalwe kabi. Onompempe basicindezelile. Angeneme ngomphumela ngoba bekufanele sinqobe kulomdlalo,” kuchaza uPacheco esekhuluma nabezindaba. 

UPacheco uthi bashode ngenhlanhla yokunqoba kulomdlalo. 

“Abadlali basebenze ngokusemandleni. Bekufanele basebenzise amathuba abawatholile. Sihlulekile ukuqedela amathuba esiwakhandile.