Umqeqeshi waMaZulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin usamile ezwini lokuthi onompempe yibona abadlisela ezakhe emidlalweni emibili edlule, ikakhulukazi oweMamelodi Sundowns.
UCijimpi uthi kwakufanele badlulele kowamanqamu kwiCarling Knockout kodwa barojwa unompempe owanqaba nephenathi esobala bebhekene neTS Galaxy. Lomqeqeshi uthi bachathelwa emini koweDowns ngegoli likaPule Ekstein elaphikwa.
UCijimpi uphinde wakhononda ngethimba lonompempe elaliphethe umdlalo weligi behlulwa iStellenbosch FC.
“Angivumi ukuthi sihluliwe emidlalweni esibuya kuyo. Izinto engizibonayo azingenzi ngiyamukele imiphumela.
Sawunqoba umdlalo weSundowns ngokubona kwami. Umphumela wanqunywa umuntu oseceleni. Kwaba yinto efanayo sibhekene neTS Galaxy emdlalweni owandulela owamanqamu.
Kukhona izinto ongeke uzilawule. Sahlulwa sidlala neStellenbosch kodwa wawungekho umehluko omkhulu enkundleni,” kuchaza uCijimpi ekhuluma nabezindaba.
AmaZulu amatasa namalungiselelo omdlalo weligi neSekhukhune United ozosingathwa eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu.
ISekhukhune isefomini enhle selokhu kufike umeqeshi uLehlogonolo Seema. IBabina Noko is isinqobe imidlalo emibili ilandelana kwiligi, yaqoqa amaphuzu amane kwiCAF Confederations Cup kulesosikhathi.
“IStellenbosch isinqobe imidlalo emithathu ilandelana, nathi sizimisele ngokuguqula imiphumela njengoba sekuzogoqwa unyaka.
Sayihlula emdlalweni, sakhanda inqwaba yamathuba kodwa unozinti wabo waqokwa njengomdlali ovelele.
Ngiyavuma ukuthi sihluliwe emidlalweni emithathu edlule kodwa lokho bekungafanele kwenzeke. Kukhona izinto ezilawulwa onompempe kuphela. Kufanele ngabe silungiselela umdlalo wamanqamu futhi nesibalo samaphuzu kwiligi kumele ngabe siphezulu. Angeke ngizixake ngezinto engingasoze ngazilawula,” kubeka uCijimpi.
Sekuwumdlalo wesibili kulandelana Usuthu lungayisebenzi iMoses Mabhida Stadium njengoba ilungiselelwa umdlalo wamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo.
Usuthu lusengcupheni yokudliwa yizembe njengoba luhleli endaweni ka-14 kwiligi ngemuva kwemizuliswano engu-13.