Umgadli obengalibheki ipali kwiBlack Leopards ngesizini edlule, uTiklas Thutlwa, usephumele obala ngesifiso sakhe sokujoyina izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs. Lo mdlali uthi uzohlala kwiLeopards ngesizini ka-2022/2023 kodwa akakufihli ukuthi unesifiso sokudlalela Amakhosi.
Lo mdlali (23) udle igolden boot kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule evalela amagoli awu-13, noma iqembu lakhe belidonsa ngodizili kulesi sigaba. ILeopards igcine iqede isizini kunombolo 9 kwiligi esizobiswa ngeMotsepe Foundation Championship.
Engxoxweni nephephabhuku lebhola, iKickOff uThutlwa ubeke kanje: “Ngingatthanda ukujoyina iKaizer Chiefs noma iMarumo Gallants. Ngingayishayela amagoli iChiefs, ngiyenzele nokunye enkundleni. Ngiyalazi izinga lami futhi ngisebenza ngokuzikhandla. IChiefs ngingayishayela amagoli angaphezulu kuka-12 ngesizini. Ngikhule ngilithanda leli qembu,” kusho yena.
Uqhube wacacisa nokho ukuthi usahlezi kwiLeopards.
“Ngingathanda ukuhamba kodwa iqiniso ukuthi abaphathi beqembu basafuna ngihlale ngidlale, ngizohlala. Noma ngingajabule ngalokhu, ngizohlala kwiLeopards ngidlale ngendlela efanayoa.”