UGeorge Maluleka uthi ushiye kwiKaizer Chiefs ngoJuni 2020 ngoba bekuphele inkontileka yakhe.

UMaluleka uthi ubengacabangi ukuthi abalandeli beChiefs bazoqhubeka nokumgxeka njengoba sekuphele iminyaka emibili ashiya eNaturena.

Ukhala kakhulu ngokuthi bamsola ngokuba nesandla ekutheni iqembu lihlulwe ukunqoba iligi ngesizini ka-2020/21

Inkontileka kaMido yaphela ngo-2020, kuhlasele nobhubhane iCovid-19. UMido waqoka ukujoyina iMamelodi Sundowns afike wanqoba kuyo iDSTV Premiership amasizini amabili elandelana.

“Ngiyabona abantu abaningi basacasukile ngokuthi ngashiya iChiefs, ngayosayina kwiSundowns. Kudala ngikhuluma ngalendaba. Sengisayine kuMaZulu manje, ngifuna ukutakula iqembu.

Nginobudlelwano obuhle neKaizer Chiefs. Ngazimisela ngesikhathi ngidlalela iChiefs. Lendaba ingivusela iminjunju. Kuyenzeka ebholeni ningavumelani ngenkontileka. Asikwazanga ukuvumelana, kwalandela ukuthi sihlukane neChiefs. Isikhathi sasibucayi vele, imenenja yami iyona eyayibambe imihlangano.

Imenenja yayixoxa neChiefs, abakwazanga ukuvumelana ngenkontileka. Ngangidlala kwiChiefs kulesosikhathi, ngasayina kwiSundowns ngemuva kwalokho. Sengisayine kuMaZulu, yilokho engifuna ukugxila kukho,” kubeka uMaluleka ekhuluma noThabo Mosia ohlelweni lweSAFM.

UMaluleka uthwale kanzima eChloorkop njengoba isikimu ebesizwa ngendaba. UMido ubezitamuzela isikimu esadlala kwiGlamour Boys.

Lokho kumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli beChiefs, abamthukayo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngiyazi abanye abantu basacasukile kodwa sengifuna ukuqhubekela phambili ngempilo yami. Namanje kusekhona abantu abangigxekayo, kodwa sengidlulele phambili,” kusho uMido.

Ngesikhathi ehamba kwiChiefs, kwavela ukuthi uMido wayefuna ukuvuselela inkontileka yakhe ngezinyanga ezimbalwa ukuze e oqeda isizini neChiefs.

Abanye abalandeli bakholwa ukuthi iChiefs yayizoyinqoba iligi ukube uMido wayiqedela isizini neChiefs.

“Angeke ngiphawule ngalokho. Imenenja yami eyayingibambele izingxoxo. Kwavuka iCovid-19 ngidlala kwiChiefs ngaleso sikhathi. Izingxoxo zaqala kodwa kwase kuhlelwe ibio-bubble.

Angikwazi okwenzeka ehhovisini leChiefs. Ngangijabule kwiChiefs. Ngangijabule futhi nakwiSundowns. Abantu bazocasuka vele kodwa lokho kuyingxenye yebhola. Ngangizoqhubeka nokuhlonipha inkontileka ukube iChiefs yayivuselela.

Sengidlulile endaweni yeChiefs. Kodwa ngiyaqonda ukuthi ngizogxekwa ngoba ngiwumdlali webhola. Akujabulisi ukugxekelwa into kodwa kwabona abantu abanalo ulwazi oluphelele. Kuyenzeka uma ungumdlali webhola, ngizoyekela kwenzeke,” kubeka uMido.