Yize iRoyal AM isanda kusayinisa abagadli abathathu uSamir Nurkovic, Ruzaigh Gamildien no-Andre de Jongh, umqeqeshi uKhabo Zondo uthi angeke bamdayise umgadli oyisethenjwa uVictor Letsoalo.

Ngesonto eledlule, abezindaba babike ukuthi lomgadli ufake incwadi yokucela ukushiya kwiRoyal AM.

UZondo, ongene ezicathulweni zikaJohn Maduka, ufuna bamgcine uLetsoalo ngoba uzoba ngumdlali obalulekile emidlalweni yeCAF.

ULetsoalo ushaye amagoli angu-15 kwiligi ngesizini ephelile, wasala ngemuva kuPeter Shalulile oqede isizini engumshayimagoli ohamba phambili ngamagoli angu-23.

“Angeke ngimdedele uLetsoalo. Ngingajabula ukumgcina esikwatini sami. Udlala indima enkulu eqenjini. Kulula ukuqonda ukubaluleka kwakhe uma ubheka amagoli awashayile emidlalweni eyedlule.

Kufanele siqonde ukuthi siyodlala kwiConfed Cup. Sizodlala imidlalo eminingi, sizodinga abadlali abaningi. Kuzodingeka bonke abagadli esinabo. ISundowns inabadlali abangaki? Idlala imidlalo njalo ngesizini,” kubeka uZondo ekhuluma nabeSowetan.

UZondo Akafunanga ukuphawula ngodaba lokuthi uLetsoalo ucele ukukhululwa eqenjini. Kuvela ukuthi lomgadli wafaka lesicelo sekuzophela isizini ka-2021/22.

IThwihli Thwahla inaye omunye umgadli uMxolisi Macuphu odlale kahle ngesizini ka-2020/21 yize ejoyine iqembu maphakathi nesizini.

“Anginayo ingcindezi. Kufanele ngiqinisekise ukuthi iqembu liqeda isizini lihleli kwiTop 8, yilokho okulindelwe kimi. Sifuna nokuhamba ibanga elide kwiConfed Cup,” kusho uZondo.