Ummeli kaMnuz Brian Molefe uthi basacubungula ukuthi bazothatha ziphi izinyathelo kulandela ukuhoxiswa kwamacala abebekwe yinhlangano ezimele iCorruption Watch.

Izolo kuvele izindaba zokuthi iCorruption Watch ihoxie isiteclo ebisifake enkantolo enkulu ePitoli sokuthi uMolefe abukwe njengomqondisi owahluleka ukwenza umsebenzi ngesikhathi esasebenza kwa-Eskom.

Isicelo sasifakwe ngo-2018. Ngaphandle kwakhe iCorruption Watch ibigadle nakwabanye ababesebenzela iboard ye-Eskom okunguMark Parmensky, Anoj Singh, Venete Klein noZethembe Khoza.

Le nhlangano ivumelene noMolefe ukuthi abantu bazozikhokhela izindleko zaleli cala.

Ephawula ngokuhoxiswa kwaleli cala, ummeli kaMolefe, uMpho Molefe weMolaba Attorneys uthe lokhu kuqinisekisa ubumsulwa bukaBrian.

Uthe iCorruption Watch ayikabanikezi isizathu ngokuhoxisa isicelo enkantolo.

“Laba bantu bafake icala, kuthe uma sesicela ubufakazi, basithumelela imibiko yamaphephandaba nezinto ezibhalwe ezinkundleni zokuxhumana. Iningi lobufakazi babo bekuyilokho.

“Kungenzeka simyalele ukuthi athathele izinyathelo abantu abakhuluma ngaye. Singase sithathele ne-Eskom izinyathelo. Yavela yathula kunokuthi ingenelele iveze iqiniso. Iqoke ukusonga izandla.