UThando Dlamuka usecele omawakhe ukuthi bangenelele kwinhlamba ayigixabezwa wumyeni wakhe uSiyacela phambi kwengane.
Esiqeshini sakamuva uThando uhlanganise abazali bakaSiyacela wacela ukuthi bangenelele esimeni esiphakathi kwakhe noSiyacela njengoba esebuyele ekumkheni ngenhlamba nsuku zonke.
Ekhuluma nabo uThando uthe ukhathazekile ngobudlelwano babo futhi sekufike la esecabanga ukumlaxaza khona uSiyacela, kodwa oyedwa bomabakhe bamphikisile bethi uhlale ekusho njalo kodwa abahlukani.
UThando uphinde waveza ukuthi uSiyacela usenokuvuka amkhalele ebusuku ethi ukhumbule abazali bakhe.
“Kwesinye isikhathi ubuye angitshele ukuthi uzozibulala uma ngimshiya. Angisazi ngempela ukuthi kumele ngenzenjani uma engikhalela,” kuchaza uThando.
Okunye okuvelile esiqeshini sakamuva wukuthi ngathi kusazothatha isikhathi ukuthi uThando noyise belungise ubudlelwano babo.