Umhleli wemicimbi obuye azibize ngomengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu, usexolisile kumholi we-EFF uJulius Malema ngezinkulumo zakhe ngaye ngaphambi kokhetho, nangokweseka i-ANC.

Kwase kushoda ozogadlal phakathi kukaMalema noNgizwe njengoba bebengaboni ngasolinye ngaphambi kokhetho obelungo-29 May kuleli. Ukungazwani kwabo kwaholela ekutheni uNgizwe azame ukwenza umcimbi kamaskandi ngesikhathi i-EFF yethula imanifesto yayo eMoses Mabhida ngosuku ololudwa.

Ngaphambi kwalolo suku, uNgizwe wayefunge wagomela ukuthi uMalema ngeke angene KwaZulu-Natal, okuyinto eyacasula abalandeli abaningi be-EFF bakulesi sifundazwe.

Ekhuluma ngoMalema kwiFacebook Live ayenze ngoMsombuluko, uNgizwe uphumele obala ngokuphakanyelwa umoya uma ekhuluma ngalo mholi.

“Esizukulwaneni sethu akekho umholi wezepolitiki ofana naye. Kuningi asekwenzile, okuhle nokubi. Ubuye waphazanyiswa abanye, ubudlelwano bethu baba muncu. Ngagcina sengilahlekelwa yimoto nami ngashintsha, ngabona sekumele ngizivikele ngakho konke eginakho,” kuchaza yena.

UNgizwe uqhube waxolisa nangokukhankasela i-ANC, osekuneminyaka eyigxeka, ikakhulukazi umholi wayo uCyrl Ramaphosa. Abaningi bambize ngexoki elikhulu uNgizwe ngokujika sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuyiwe okhethweni.

“Kulabo abaphoxwe yisinqumo sami, ngiyaxilisa. Kwaba yiphutha ukuveza ukuthi ngihamba naliphi iqembu lezepolitiki ngoba ngiwumholi wawo wonke umuntu. Abantu bayangethemba futhi angiyena usopolitiki.”