Umculi osengumethuli wezinhlelo uMolemo Maarohanye, odume ngelikaJub Jub, uthi uzizwa ekhululekile emoyeni kulandela ukuhoxa kwecala lokudlwengula abesolwa ngalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uJub Jub wavulelwa icala umlingisi u-Amanda Du-Pont, kanti ngesikhathi eboshwa kwafakwa necala lokuzama ukubulala nelokushaya. Onke amacala abebhekene nawo asehoxisiwe.

Ekhuluma ngalolu daba, uphawule kanje uJub Jub: “Ngifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kwithimba labameli bami abalwele ubulungiswa. Isinqumo esithathiwe singilethela ukukhululeka, futhi siqinisekise ebengikusho ngokunjalo nabangesekayo. Ngiyabonga kakhulu kubantu abebengeseka kulesi sikhathi.

INPA yazise uJub Jub ngoJune 20 ukuthi ngeke isaqhubeka naleli cala ngoba uma ibuka bonke ubufakazi obukhona, kuyicacele ngeke inqobe.

UDu Pont waqala ukusola uJub Jub ngokumdlwengula ekhasini lakhe kwi-Instagram kulandela ingxoxo yakhe noMac G ngobudlelwano babo.