Umdlali oyibamba esiswini kwi-Orlando Pirates usephundule izinsolo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zokuthi umisiwe eqenjini kulandela ‘ukufika kwi-training ephuzile.’
Le ndaba iqale ukusatshalaliswa ngozibiza ngoMastermind ku-X ezintatha ngoLwesibili ebhala ekhasini lakhe ukuthi uMbatha umisiwe eqenjini futhi usephoqe iPirates ukuthi ihlole abadlali ngesifutho ngaphambi kwetraining.
UMbatha ubengekho esikwatini ngesikhathi iPirates idlala neMamelodi Sundowns, ubengekho futhi nasemdlalweni wePirates neBaroka ngempelasonto.
Lo mdlali wenze ilive ekhasini lakhe ku-Instagram echitha lezi zinsolo.
“Wonke umuntu ufuna ukusho okwakhe ngami. Ngiphuma kwitraining mina bafwethu. Ngizonibona kusasa,” kusho uMbatha.
“Kusho ukuthi lo obhalile wazi kakhulu yena ngePirates. Uyena umnikazi wayo,” kusho uMbatha obezikhululekele edlala umculo emotweni.
“Uthini uMampintsha? Uthi uma wenza kahle abantu bahlale befuna ukukhuluma izinto abangazazi. Kodwa ke sizothini phela.”
Uphendule omunye umlandeli ombuze ukuthi akadlalanga ngani koweBucs neSundowns wathi iqembu lasho nje ukuthi ulimele.
“Ngangikhona enkundleni, ngiqhuga.”
Omunye uphinde wabuza ngokumbiko wokuthi umisiwe, uMbatha wavele wamphendula sakumbhuqa ethi: “Bengingazi. Batshele wena ukuthi ngimisiwe? Kusho ukuthi unamasheya kwiPirates uma betshele wena, hhayi mina. Uwumuntu onamandla kwiPirates [ehleka]. Noma unomngani wakho lo obhale ngami…”