Umqeqeshi weChippa United uThabo September uthi umnyango uvuliwe uma kukhona amaqembu amakhulu ePSL afisa ukusayinisa uSinoxolo Kwayiba (25).
UKwayiba uqale ukuheha amaqembu ePSL ngemuva kokubizwa kwiBafana Bafana ngo-October ngonyaka odlule. Kule sizini unamagoli amahlanu ne-assist eyodwa emdlalweni ewu-17 uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano asedlale kuyo.
Emdlalweni weNedbank Cup obuphakathi kweChippa neChiefs lo mdlali ubengomunye wabadlale kangcono esayidini leChilli Boys.
Ebuzwa ngaye ngemuva komdlalo uSeptember uthe beyiqembu ngeke beme endleleni yakhe uma kuqhamuka iqembu elikhulu.
“Kuhle ukuthi usebukwa amaqembu amakhulu. Ukuze udlalele iqembu elikhulu kumele ube sezingeni elihle. Ngibona edlale kahle emdlalweni neChiefs, kodwa kumele siqhubeke nokumqapha ukuthi akazikhukhumezi. Sinethemba lokuthi kukhona iqembu elizomthenga.”
USeptember uqhube wathi njengeqembu bayathanda ukubona abadlali befinyelela kwelinye izinga, bethuthuka. Uthe kungaba ukungamcabangeli uKwayiba ukungafuni ukumbona esuka e-Eastern Cape.
Khonamanjalo, lo mdlali uke wamataniswa neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates okungenzeka bambange uma kuphela isizini.