Umgadli wase-England, uMarcus Rashford, kubukeka eseyixazululile inkinga yeManchester United yekushoda ngonombolo 9.

Lo mgadli usevalele amagoli awu-21 kuyo yonke imqhudelwano e-Europe, ushiywa kuphela u-Erling Haaland weMan City.

Ngempelasonto uRashford ushaye igoli lokuqala ngesikhathi iMan United ishaya iLeeds United ngo 2-0 e-Elland Road Stadium. Igoli lesibili livalelwe wu-Alejandro Garnacho.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag ubale uRashford kubagadli abahamba phambili e-Europe njengamanje.

“Lokho ngakunaka ngisaqala ukumbona, ngangikulindele ngabomvu ukusebenza naye. Ngazitshela ukuthi singamenza adlale kangcono. Uma eqhubeka asebenze ngokuzikhandla maningi amagoli asazowavalela ngoba ukhahlela ngazo zombili izinyawo futhi uyakwazi nokusebenzisa ikhanda,” kusho uTen Hag.

Lo mqeqeshi uphine wakhumbuza izintatheli ukuthi nyakenye ngo-September zambuza ukuthi ngabe unaye yini umgadli ongavalela amagoli awu-20 ngesizini, wathi uRashford usewuphendulile lo mbuzo ngesibalo samagoli asewakorile kule sizini kodwa usafuna aqhubeke nokugqilaza inethi.

IMan United izobhekana neBarcelona kowe-Europa League ngoLwesine.