Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uzwakalise ukungenami ngenkulumo yomqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ngoSibusiso Vilakazi.
URamavic ngempalasonto usole uVilakazi ngokuba yivila kwi-training nokuyinto ayibale phambili ebuzwa ngokushiya kwalo mdlali phakathi nesizini.
“UVila ungumdlali omuhle futhi unomlando omuhle ebholeni lakuleli. Kodwa njengomqeqeshi anginendaba negama lakho, anginandaba neminyaka yakho futhi anginendaba negama lakho. Ngibuka izinto ozenza enkundleni,” kuchaza uRamovic.
“Uma kunabadlali abazinikela ngokuphelele enkundleni futhi abaziqeqesha kahle, kuzodlala bona. Abadlali abangazinikeli njalo bazoba nesikhathi esinzima. Kodwa ke lento eyenziwa nakwamanye amaqembu, akugcini ngami kuphela.”
Inkulumo kaRamovic ihambe yaze yafika kuPitso Mosimane, oqeqesha eSaudi Arabia, njengoba kufakwe ivideo ezinkundleni zokuxhumana.
“Ingishaqisile indlela okukhulunywa ngayo (ngoVila). Ngiqeqeshe uSibusiso Vilakazi iminyaka engaphezulu kweyisithupha.
“Uziphatha ngendlela enkundleni nangaphandle futhi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe nabaqeqeshi. Akugcini nje lapho ngoba uyawazi namaqhinga ebhola futhi akanqeni ukubeka umbono wakhe.