Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, uthi uyaziqhenya ngendlela abadlale ngayo izolo bebhekene neBayern Munich koweChampions League noma sekuphelile ngohambo lwabo kulo mqhudelwano.

IBayern ishayele isipikili sokucgina kwi-United izolo iyikhipha kwiChampions League esigabeni samaqoqo okuyibeke engozini yokushodelwa inkece yokuthenga abadlali abasha uma kuphela isizini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo nokho uTen Hag uthe abadlali bakhe benze konke okusemandleni.

“Bekungasifanele ukudliwa namhlanje kodwa siye kulo mdlalo sekuphelile ngathi kwiChampions League. Kumele sikuvume lokho. Sidlale kahle kodwa sibe namaphutha. Ekugcineni akwanele, kodwa uma ngibuka umdlalo wanamhlanje (izolo) ngibona sidlale kahle futhi bekungasifanele ukudliwa.

“Besivale kahle emuva futhi sicindeza kahle enkundleni. Maningi namabhola esiwawinile ngokucindeza, ikakhulukazi esiwombeni sesibili, sahluleka ukusebenzisa amathuba.”

Ngemuva kwalo mdlalo sandile isibalo sabantu abafuna lo mqeqeshi axoshwe kwi-United. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebengawuvali umlomo ngesinqumo sakhe sokusayinisa unozinti u-Andre Onana abakholwa wukuthi uyena obadliselile kulo mqhudelwano.