Umdlali waMaZulu uHendrick Ekstein uthi angeke abagxeke onompempe ngephutha abalenza lokuphika igoli loSuthu emdlalweni weDSTV Premiership libhekene neMamelodi Sundowns ngesonto eledlule.
Unompempe uThabo Mkhabela wakhomba i-offside ayibona ku-Ekstein eselishayile igoli lokulinganisa kulomdlalo owawinwa yiSundowns ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium.
Umqeqeshi waMaZulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin wayedinwe egane unwabu esekhuluma nabezindaba ekupheleni komdlalo.
UCijimpi wakubeka obala ukuthi unompempe ubadlisele emdlalweni.
“Onompempe bayafana nabanye abantu. Bazokwenza amaphutha ngoba bangabantu. Angeke ngimgxeke unompempe, wayecabanga ukuthi ngisendaweni engafanele,” kuchaza u-Ekstein.
UCijimpi wakhala kakhulu ngonompempe, waveza ukuthi ukuhlulwa kwi-semifinal yeCarling Knockout kwakulele ezandleni zonompempe ababephethe umdlalo. AmaZulu ahlulwa ngo 3-2 kulomdlalo owawubanjelwe eMoses Mabhida Stadium.
“Ngizokubeka kucace ukuthi onompempe bazowenza amaphutha ngoba bangabantu.
Kuzokwenzeka basijajele kangcono komunye umdlalo. Angeke ngibagxeke kakhulu, kufanele siqinise ekusebenziseni amathuba esiwatholayo. Akufanele sinake onompempe,” kuchaza u-Ekstein.
Usuthu luzobhekana neSekhukhune United eKing Zwelithini Stadium namuhla ebusuku. Ukuhlulwa emidlalweni emibili ilandelana kwiligi kubeke Usuthu engcupheni njengoba seluhleli endaweni ka-14 .
“Kufanele sisebenzise amathuba esizowathola. Inkinga esibhekene nayo eyokusebenzisa amathuba, kufanele bonke abadlali bazibheke ngalokho,” kuchaza u-Ekstein.