Umqeqeshi weSekhukhune United uLehlogonolo Seema ubona behlalelwe umqansa emdlalweni weDSTV Premiership abazowudlala naMaZulu abuya endukwini kwiligi. 

Lamaqembu azotholana eKing Zwelithini Stadium namuhla ebusuku. 

IBabina Noko idlale i-draw engenawo amagoli ibhekene neStade Malien koweCAF Confederations Cup ngeSonto. 

USeema uthi ukuhlulwa koSuthu lubhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni odlule kumenza alindele umdlalo oshubile eMlazi. 

“Bekunzima ngenxa yokusondelana kwemidlalo, abadlali basayibambile noma kungelula. Umoya uphansi ekhempini kodwa sizozikhandla ngoba siyawadinga amaphuzu njengoba naMaZulu ewadinga. 

Ngilindele umdlalo onzima, bahluliwe emdlalweni odlule, ngicabanga ukuthi abafuni ukuhlulwa imidlalo emibili ilandelana. Sizolwela ukunqoba ngoLwesithathu,” kubeka uSeema ekhuluma nabezindaba. 

USeema uthi uselindele ukufika kwekhefu le-Africa Cup of Nations (AFCON) ukuze ezofundisa isitayela asifunayo eqenjini. 

“Usemningi umsebenzi osihlalele, siyalidinga ikhefu le-AFCON. Sizolisebenzisa kahle lelikhefu, kuningi esingakufunda kulomdlalo. Ngibona sinethuba lokulungisa izinto eziningi uma sekufike ikhefu, iqembu lizobukeka lihlukile kakhulu. 

Sihlalelwe umqansa wokulibangisa eMali kulelisonto, siphinde sidlale imidlalo yeligi. Ikhefu lisekude kakhulu. Kufanele silwele ukuqeda sisendaweni engcono,” kuchaza uSeema. 

ISekhukhune isanethuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kwiConfed Cup. IBabina Noko ihleli endaweni yesithathu kuGroup D ngemuva kwemizuliswano emithathu. 

“Kuningi esikufunde kulomdlalo, ngikwaze nokubona abanye abadlali abekade bengasitholi isikimu. 

Ngizoxoxisana nethimba lami, sizame ukucaba indlela eya phambili ukuze sizobumba iqembu elizosimela kuyona yonke imiqhudelwano kulesizini,” kusho uSeema.