Umqeqeshi weManchester United obukwa yizembe emehlweni, u-Erik ten Hag, usekhumbuze abalandeli baleli qembu ukuthi lagcina ukunqoba isicoco seligi ngo-2013 okusho ukuthi kumele bamukele ukuthi alisekho ezingeni elalikulo.

I-United yagcina ukunqoba iPremier League ngesizini yokugcina kaSir Alex Ferguson. Sekufike abaqeqeshi abayisithupha kwi-United, bonke bafike bahluleka ukunqoba isicoco seligi. Abasondela, nakhona hhayi kakhulu, bakwazi ukuyibeka endaweni yesibili nje, wuJose Mourinho no-Ole Gunnar Solskjær.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wamanqamu weFA Cup onamhlanje ntambama, uTen Hag utshele iphephandaba laseNetherlands ukuthi ingcindezi abhekene nayo kuleli qembu ivela ngaphandle.

“IMan United igcine ukuwina iligi ngo-2013, sekudlule iminyaka ewu-11. Noma kunjalo, kunabantu abalindele ukuthi sinqobe wonke umdlalo, siqhudelane namaqembu aphezulu.

“Leli qembu alikakulungeli lokho.

“Siqale uhlelo lokwakha kabusha iqembu ngonyaka odlule, kodwa uthi uma usubona ukuthi iqembu likhulu kangakanani, ubone ukuthi akekho ogculisekile ngesikwenzayo.

“Ngaphakathi eqenjini abantu bebekwamukela esidlula kukho, kodwa ngaphandla kunomsindo. Kunabantu abasuse umsindo ngokuthi nginqobe iCarabao Cup, ngadliwa kwiFinal yeFA CUP, saqeda endaweni yesithathu [ngesizini ka-2022/23].

UTen Hag uqhube wavuma ukuthi le sizini ayihambanga kahle neze, kodwa waveza nokuthi abagxeka umsebenzi wakhe badinga ukuvuka emaqandeni ngoba ubhekene nomqansa.

Ngokwemibiko yakamuva lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi axoshwe kwi-United ngisho engayinqoba iFA Cup namhlanje.

Kubikwa ukuthi i-United izimisele ngokuqala kabusha nomunye umqeqeshi futhi ixoxisana nomqeqeshi we-Ipswich Town uKieran McKenna, owayengomunye babasizi baka-Ole ngesikhathi epheka i-United. Lo mqeqeshi ushaye umsebenzi oncomekayo kuleli qembu elikhuphula elifaka kwiPremier League.