IFC Barcelona isishaye ungqimphotho yakhetha ukumxosha uXavi ngemuva kwezinyanga imncenga ukuthi ahlale aqhubeke nomsebenzi nangesizini ezayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uXavi wayesememezele ukuthi uyahamba uma kuphela isizini, kodwa abaphathi beBarca bamncenga baze bamemezela ukuthi welule inkontileka emasontweni ambalwa edlule.

Sekuphelile konke lokho manje njengoba esexoshiwe.

Ngokwemibiko evele ngaphambi kokuqinisekiswa kwezindaba zokuxoshwa kwakhe kube nokungaboni ngasolinye phakathi kukaXavi nomengameli weqembu uJoan Laporta  ngemali azoyisebenzisa ukuqinisa iqembu, nangabadlali abazodayiswa.

Isitatimende seBarca sikucacisile ukuthi ngemuva komhlangano ababenawo kuleli sonto, kuvunyelwene ngokuthi ahambe uXavi. Uzobe eqeqesha okokugcina emdlalweni weBarcelona neSevilla kule mpelasonto.

Kulindeleke ukuthi iBarcelona imemezele owayengumqeqeshi weBayern Munich, uHansi Flick, njengomqeqeshi omusha weqembu.

IBarcelona ingaphansi kwenkulu ingcindezi kulezi nsuku njengoba kungayihambelanga kahle kwiligi nakwiChampions League. Okukhalisa abalandeli bayo kakhulu isicoco se-UEFA Champions League, abasigcina ngo