ICape Town City iphuce iMamelodi Sundowns iqatha emlonyeni iyifaka induku emdlalweni wayo wokugcina kwiDStv Premiership ngesizni ka-2023/24.
Noma iSundowns inqobe isicoco okwesikhombisa kulandelana, okuwumlando nakho, abaningi besebezitshelile ukuthi abafana bakaRulani Mokwena bazoba ngama-invincibles okuqala eNingizimu Afrika.
Igoli leCityzens livalelwe wuJaedin Rhodes ngomzuzu ka-60 esiwombeni sesibili.
Iqembu likaRulani Mokwena liqede isizini nge-draw ka 0-0 neCape Town City eLoftus Stadium ngoMgqibelo ntambama.
ISundowns iqale umdlalo ngoWilliams, Mudau, Lebusa, Mvala, Zungu, Coetzee, Maboe, Zwane, Matthews, Mabena, noMorena.
Ngakolunye uhlangothi kwiCity kuqale uKeet, Cupido, Gordinho, Slatsha, Sereetsi, Rhodes, Fisher, Leshabela, Nyama, Mayo, noGonzalez.
Isiwombe sokuqala asibanga nawo amathuba amaningi kodwa abadlali abathathu beSundowns baqoqe amakhadi aphuzi ngenxa yengcindezi ebibuye ifakwe abadlali beCity ngejubane.
Ibivale kahle emuva iCity, idedela amathuba amabili nje kuphela kompetha beligi, nakhona kube ngamashodi angamsabisanga uKeet.
🥇Teboho Mokoena – Footballer Of The Season
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) May 24, 2024
🥇Grant Kekana – Defender Of the Season
Let's congratulate our nominees in the comments Yellow Nation! 🏆#Sundowns pic.twitter.com/iP5WtPABQp
UDarren Keet ube wumdlali ovelele, kodwa umqeqeshi u-Erik Tinkler uthe abadlali bakhe bonke bashaye into ecokeme kulo mdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
ISundowns, engompetha beNedbank Cup ne-African Football League kule sizini, isasethubeni lokunqoba iNedbank Cup. Izobhekana ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo eMbombela Stadium.