Umqeqeshi weManchester United u-Erik ten Hag uthi kuzomkhuphulela ukuzethemba uCristiano Ronaldo ukushaya igoli lakhe lokuqala kule sizini.

Lo mdlali osenqobe iBallon d’Or kahlanu usaqale umdlalo owodwa kwi-United kule sizini. Eminye imidlalo uyidlale esuka ebhentshini.

URonaldo ungene kumdlalo we-Everton kulandela ukulimala kuka-Anthony Martial, obekungokokuqala eqala umdlalo kule sizini.

“Wonke umdlali udinga ukuzethembva, ngisho ngabe kuthiwa uwumdlali obahlula bonke emhlabeni,” kusho uTen Hag ngemuva komdlalo.

“Sengisebenze nabagadli abaningi empilweni yami, badinga amagoli ukuze bafikelwe umuzwa wokuzethemba. Uma sebevalele amagoli ambalwa, kuba lula. Kuzokwenzeka nakuRonaldo .”

URonaldo usevalele amagoli awu-700 selokhe aqala ukudlala ibhola elikhokhelwayo. Uvalele amagoli amahlanu kwiSporting, awu-118 kwiManchester United, 450 kwiReal Madrid, 32 kiJuventus, nawu-95 kwiPortugal.