Umdlali ofike ethwelwe ngeqoma kwiKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe, boCole Alexander kubukeka besazoqhubeka nokweqiwa yijezi kuleli qembu njengoba uNjabulo Blom esebuyele ekuyibambeni enkabeni yesisu phambi kwezitobha.

Ngesikhathi isaqala isizini ka-2022/2023 umqeqeshi waMakhosi, u-Arthur Zwane, ubedlalisa uYusuf Maart, Alexander noSithebe esiwini. Abahlaziyi bebhola bebenakho ukubuza ukuthi ubani kubo odlala iCDM, olanda ibhola kwizitobha alitshale phambili, okwaziyo nokulekela uma kumele kuvinjwe iqembu elihlaselayo.

Muva nje uSithebe usanda kuphumela obala wathi uyi-creative midfielder, okusho ukuthi uwumdlali othanda ukulekela abaphambili uma kuhlaselwa. Uze wathi iyamkhathaza indaba yokungawatholi ama-assist ngokunjalo namagoli. Ingixakile inkulumo yakhe ngoba kwiqembu abelidlalela, AmaZulu, ubengadumile ngama-assist namagoli. Ngesizini edlule, nakuba edlale imidlalo ewu-15, akatholanga neyodwa i-assit kwiDStv Premiership. Ngesizini ka-2020/2021 wathola amathathu wavalela namagoli amathathu. Ngokwami uSithebe bengizitshela ukuthi udlala u-8, okuwumdlali wasesiswini oshaya ibox to boxm njengoYusuf Maart. Ngicabanga ukuthi ukungakhombisi kwakhe ukuthi umandla kuphi kakhulu yikho okuzomenza eqiwe yijezi kule sizini.

U-Alexander uyena mdlali engicabanga ukuthi angakwazi ukushintshana noBlom kwi-CDM, ikakhulukazi uma elimele noma edinga ukuphunyuzwa ngoba usekukhombisile ukuthi yindawo yakhe le. Lo mdlali (33) udlale imidlalo ewu-20 ngesizini edlule kwiChiefs. Kule sizini usadlale imidlalo emine, eminye yayo ubesuka ebhentshini.

Selokhe kubuyele uBlom esiswini kwiChiefs, Amakhosi asenqobe imidlalo emithathu ilandelana kwiDStv Premiership.

Ukubuyela kwakhe esiswini nokubuya kukaHlanti, sekubuyisele uReeve Frosler ku-right back okuyindawo ayidlala kahle.